I-Icasa empini yokuqeda ukuphelelwa yisikhathi kwama-data

2017-08-08 11:01

Johannesburg – Inhlanganano elawula ezokuxhumana kuleli, i-Independent Communications Authority of South Africa (Icasa), ihlose ukulawula ukuphelelwa yisikhathi kwama-data (data expiry), ngokwesaziso esishicilelwe kwi-Government Gazette ngoMsombuluko.

Le nhlangano ifuna ukuchibiyela imithetho ye-End-user kanye neSubscriber Service Charter Regulations ngokuthi yethule uhlelo lokukhokhela ama-data lwabantu abangenazo izinkonteleka kanye nokunye ukwenzekayo ngokuphelelwa isikhathi kwama-data.

OyiDirector of Technology enkampanini yezokuxhumana, i-ENS Africa, uWilmari Strachan, uthi le mithetho izolawula isikhathi ama-data okumele asihlale esasebenza ngaphambi kokuba aphelelwe yisikhathi.

OLUNYE UDABA: U-MTN uyavuma ukuthi ama-data abiza kakhulu kwabahlwempu

“Isibonelo, ama-data bundles ka-1GB kuya ku-5GB kumele aqhubeke asebenze kuze kuphele izinsuku ezingu-90. Ama-data bundles amakhulu anjengano-20GB kanye nangaphezulu, kumele aqhubeke asebenze izinyanga ezingu-24 montshs.”

Lo mthetho uphinde unikeze ithuba umuntu osebenzisa ama-data ukuthi akwazi ukuzikhethela ukuthi ufuna ukuqhubeka nokusebenzisa ama-data akhe ngaphambi kokuba aphelelwe isikhathi.

Umphakathi unesikhathi kuze kube uSepthemba 2019 ukuze ufake ukuphawula kwawo.

Ngaphambilini i-Icasa yamemezela ukuthi izoqala uphenyo ukuze kuncishiswe intengo yama-data emba eqolo kuleli. Lolu phenyo luzohlukana izigaba ezine kanti luzoze luphothulwe ngoMashi 2018.

- Finance24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-22°C Morning clouds. Cool. Pta: 19-30°C Drizzle. Morning clouds. Warm.
Jhb: 17-26°C Drizzle. Morning clouds. Warm. Bloem: 16-29°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 21-26°C Tstorms late. More clouds than sun. Mild. PE: 19-25°C Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...