I-BBC imise isikhulu kulandela ukunyamalala kuka-R5m

2017-12-04 12:35

Johannesburg - UDanisa Baloyi umisiwe njengesikhulu esiphezulu seBlack Businees Council njengoba kuqhubeka uphenyo mayelana no-R5 million onyamalele.

Lesi simemezelo senziwe esithangamini sabezindaba eGoli ngemuva kokuthi i-BBC ne-Airports Company SA (Acsa), engabaxhasi, bebenemibono eshayisanayo ngokuthi umnikelo ka-R5m owanikelelwa le nhlangano yezamabhizinisi wanyamalala kanjani.

UKganki Matabane, obeyi-COO nomqondisi omkhulu kwaSentech, nguye ozothatha isikhundla sikaBaloyi. Uthe i-BBC ayinazo izinkinga zemali kanti umsebenzi wakhe ukuba aqinise ukusebenza kwe-BBC.

Ekhuluma esithangamini sabezindaba emahhovisi e-BBC eGoli ngoMsombuluko, uNobhala Jikelele uGeorge Sebulela umemezele ukuthi lesi sinqumo sithathwe emhlanganweni wesigungu esiphezulu se-BBC obungomhlaka-30 Novemba.

OLUNYE UDABA: UMasipala weTheku umise isikhulu emsebenzini

Lesi sigungu sicele ukuba uBaloyi "aziqhelelanise nemisebenzi yenhlangano" kuze kube lolu daba luyaxazululeka, kusho uSebulela. Unanele ngokuthi i-BBC inobuholi "obuqotho".

Ngesikhathi semibuzo, uSebulela uqinisekisile ukuthi kunobufakazi obukhomba ukuthi uBaloyi uyathinteka ngokunyamalala kwalo R5m.

Uphinde wanezezela ngokuthi nokho uBaloyi umsulwa kuze kube utholwa enecala, ngakho kumele anikezwe ithuba lokufakaza kulolu phenyo.

Esitatimendeni ngoLwesihlanu, i-Acsa ithe lo mnikelo wamukelwa nguBaloyi kanti ihhovisi lakhe layalela ukuba le mali ikhokhelwe iMerit Energy, engumxhumanisi.

- Fin24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Showers late. Morning clouds. Cool. Pta: 16-22°C Morning clouds. Mild.
Jhb: 13-21°C Afternoon clouds. Mild. Bloem: 15-28°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 20-32°C Sunny. Warm. PE: 19-25°C Rain late. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...