I-Audi neVolkswagen bahamba phambili ngokuphatha kahle abathengi

2017-07-28 19:30

Cape Town – Inkampani yezimoto eziyintandokazi, i-Audi kanye neVolkswagen, izihambela yodwa ngezinga eliphezulu lokusiza kanye nokuphatha kahle amakhasimende ayo. 

Ngokombiko wenhlolovo ka-2017 eyenziwe yi-Ipsos le nkampani yaseGermany izihambela yodwa ngokuphatha kahle amakhasimende uma ngabe ethenga izimoto eNingizimu Afrika.

I-Audi neVolkswagen bayaqhubeka nokugcina izinga eliphezulu kwinhlolokhono ye-Ipsos Competitive Customer Experience, yangonyaka ka-2016. I-Ipsos yenze inhlolovo kubantu abangaphezulu kuka-22 000 ngendlela abaphatheke ngayo bethenga izimoto kanye nezinga lokunikezwa kosizo ngo-2016.

OLUNYE UDABA: Izwe lizovala ukudayiswa kwezimoto ezisebenzisa uphethiloli, udizili ngo-2040

Zombili lezi zinkampani zithole ama-Gold Awards emkhakheni wePassenger Car kanye neLight Commercial Vehicle (LCV) Purchasing Experience okwesihlanu kulandelana. Zibonele ezinye izinkampani eziwinile ngezansi:

Indlela ophathwa ngayo uma uthenga

Izimoto ezincane

Gold - Audi, Volkswagen

Silver - Chevrolet, Mercedes-Benz, Nissan, Opel, Toyota, Volvo

Bronze - Ford, Honda, Renault

Izimoto ezincane zokuqhuba amabhizinisi

Gold - Chevrolet, Isuzu, Nissan, Toyota, Volkswagen
Silver – Ford

Izinga lokunikezela ngosizo

Izimoto ezincane

Gold - Audi, Nissan Volkswagen

Silver - Chevrolet, Mercedes-Benz, Lexus, Opel, Toyota

Bronze - Honda, Renault, Volvo


Izimoto ezincane zokuqhuba amabhizinisi

Gold - Chevrolet, Isuzu, Nissan, Toyota, Volkswagen

Silver - Ford

- Wheels24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 11-26°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 15-17°C Scattered showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...