I-SARB ixwayisa abahlali
2012-06-28 16:34
Johannesburg - Abantu baseNingizimi Afrika kumele baqaphele izinkampani ezitshala imali ezithembisa inzuzo enkulu ngesikhathi esifishane, kusho izikhulu zebhange ngodla ngoLwesine.
Iningi lalezi zinkampani zingoqhiphukhowe, zingamabhanoyi, kusho okhulumela ibhange uHlengani Mathebula.
"Kumele abantu babike nonoma yini abayisolayo noma incane kangakanani, kumele kubikelwe amaphoyisa noma kubikelwe ibhange ngodla."
Kumanje siphenya izinkampani eziningi KwaZulu-Natal naseGauteng, lolu wudaba oluthinta wonke umuntu, kuchaza uMathebula.
"Izigidi ngezigidi ziyalahleka ngenxa yezinkampani ezingamabhanoyi, ngonyaka ka-2011 saphenya izinkampani ezingu-15, isibalo sakhula sagcina sifika ku-26."
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo
ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).