Gigaba: Intsha akumele igaqele amathenda kuphela

2018-01-11 12:30

Cape Town - UNgqongqoshe wezeziMali uMalusi Gigaba usenxuse intsha yakuleli ukuba iwasebenzise amathuba afika nohlelo lukahulumeni iBlack Industrialists Programme, iphinde iqhamuke namacebo amasha ezebhizinisi esikhundleni sokulandela amathenda nokuthenga amasheya ezinkampanini eseziphumelele.

UGigaba ubekhuluma ne-SABC eceleni ngesikhathi kuqhubeka isidlo sasekuseni seProgressive Youth in Business, e-Eastern Cape, ngoLwesine, ngaphambi komgubho weminyaka engu-106 kwasungulwa i-ANC ozobanjelwa e-East London ngempelasonto.

Uphinde wakhuluma nangendima edlalwa nguhulumeni ekusizeni intsha yakuleli ingene ezimakethe. INingizimu Afrika ingenye yamazwe anesibalo esiphezulu sentsha engasebenzi.

OLUNYE UDABA: Sesivuliwe isikhwama sokudala amathuba emisebenzi

Ngokombiko weStatsSA wekota yesithathu ka-2017, lalimi ku-38.6% izinga lentsha engaqashiwe kuleli.

“Sifuna abantu abasha babe ngosomabhizinisi abazimele beze namaqhinga amasha baphinde basebenzise amathuba afika neBlack Industrialists Programme,” esho.

IBlack Industrialists Programme yasungulwa ngo-2016 kanti iwuhlelo olushayelwa wuMnyango wezoHwebo neziMboni ukugqugquzela umnotho obandakanya ezinye izinhlanga ngokukhulisa isibalo sosomabhizinisi abamnyama.

Uhulumeni usenze imizamo eminingi ukugudluza izithiyo ukuze intsha nayo ikwazi ukuthola amathuba, kepha ungqongqoshe uthi nayo intsha kumele "izihlele" ikwazi nokuhlonza imikhakha efuna ukungena kuyo.

“Akumele intsha ibheke ekutholeni amathenda nokuthenga amasheya ezinkampanini ezinkulu kuphela," esho.

- Fin24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C Morning clouds. Mild. Pta: 11-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 4-23°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-26°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-22°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...