EZINGENA MANJE: Iyenyuka intengo kaphethiloli ngoLwesithathu

2017-10-02 14:04

Johannesburg - UMnyango wezaMandla umemezele ngoMsombuluko ukuthi ilitha kaphethiloli wohlobo lwe-95 octane puzobiza u-R14.01 ezindaweni ezimaphakathi nezwe, kuthi kwezigudle ugu ube ngu-R13.52 kusukela ngoLwesithathu.

Lokhu kungokokuqala kusukela ngo-Agasti 2014 amanani kaphethiloli ezindaweni ezimaphakathi nezwe edlula ku-R14.00 ilitha. 

Ilitha kadizili yona izobiza u-R12.12 kulezi zindawo, kuthi kwezigudle ugu ibe ngu-R11.74. 

Uphalafini uzonyuka ngo-39c ilitha, ilitha kaphalafini ezindaweni ezimaphakathi nezwe lizobiza u-R7.71 , kuthi kwezisogwini ibize u-R7.13.

OLUNYE UDABA:

ICentral Energy Fund aithe lokhu kunyuka kungenxa yokunyuka kwamanani kaphethiloli nodizili emazweni omhlaba.

Lokhu kulandela ukuthi uphethiloli unyuke ngo-19 no-67 cents ngo-Agasti nangoSepthemba ngokulandelana. NgoJulayi uphethiloli wehla ngo-69 cents ilitha.

I-Automobile Association (AA) yaqagula ngesonto eledlule ukuthi amanani kaphethiloli azonyuka ngenxa yokubiza kukawoyela emazweni omhlaba kanye nerandi elintengayo.

Kumanje irandi lingu-R13.66 uma liqhathaniswa nedola, kanti uwoyel ongahluziwe ubiza u-$51.45 umphongolo.

- Fin24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-21°C Sunny. Cool. Pta: 20-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 18-25°C High level clouds. Warm. Bloem: 14-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-19°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 15-22°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...