Eyesibonelelo izokhokhwa ngenkontileka entsha noCPS

2017-03-07 11:00

Cape Town – Izinkinga ezithinta inkontileka ye-Cash Paymaster Services (CPS) sezixazululilwe ngenkontileka entsha ephakathi kwale nkampani kanye no-Sassa, lokhu kushiwo uMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi ngoMsombuluko, eKapa.

“Ngosuku lokuqala ku-Ephreli siqala inkontileka entsha, kodwa nenkampani efanayo,” kusho owakwa-SA Social Security Agency (Sassa), uZodwa Mvulane, esithangamini sabezindaba ebesiseKapa.

“Asidingi ukuya enkantolo ukucela ukulula (inkontileka). Kodwa sizoya enkantolo siyozichaza,” usho kanje.

OLUNYE UDABA: Ugxekiwe okhulume ngoMageba emsakazweni olalelwa yizinhlanga zonke

NgoMashi wangomhlaka-15, iNkantolo yoMthethosisekelo izolalela isicelo seBlack Sash sokuthi inkantolo iphinde iqaphe ngeso lokhozi uhlelo lokuholelwa kwesibonelelo sikahulumeni kanye nokuthi kuvezwe obala imininingwane yesivumelwano esisayiniwe.

Ngonyaka ka-2014, inkantolo yanquma ukuthi inkontileka ye-CPS yayingekho emthethweni yabe isiyalela ukuthi kube nohlelo olusha lokukhishwa kwethenda. Kodwa-ke ngenxa yokuthi ayikho enye inkampani eyatholakala neyayingakhona ukuthi yenze lo msebenzi, isinqumo sokungabi semthethweni kwale nkontileka salengiswa kuze kube umhlaka-31 kuMashi.

UMnyango bekumele ube usunohlelo lwawo lokuholela uma sekufika umhlaka-1 ku-Ephreli, kodwa lokhu akukenzeki, nosekudale ukusabela ngokuthi abantu abangu-17 million bazosithola kanjani isibonelelo.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter     

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-21°C Morning clouds. Cool. Pta: 14-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 13-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-22°C Showers early. More clouds than sun. Mild. PE: 12-20°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...