#DataMustFall: UVodacom uthi uzibophezele ekwehliseni intengo yama-data

2017-08-10 10:59

Johannesburg – UVodacom uzobamba iqhaza emihlanganweni yohlelo lokubonisana ne-Independent Communications Authority of South Africa’s (Icasa) mayelana nokubhalwa kwemithetho ezolawula ukuphelelwa yisikhathi kwama-data kanjalo nokubiza kwawo kumakhasimende angekho ezinhlelweni zama-contract (out-of-bundle).

UVodacom utshele iFin24 ukuthi uzibophezele ohlelweni lokubhala imithetho emisha, ngemuva kokungenelela kwale nhlangano elawula ezokuxhumana kuleli ekungabonini ngaso linye okuqhubekayo phakathi kwezinkampani zomakhalekhukhwini kanye namakhasimende ngenxa yokumba eqolo kwama-data.

“UVodacom uzibophezele ekwehliseni intengo yama-data futhi usuwehlise intengo yama-data ngo-44%  eminyakeni emithathu eyedlule.

OLUNYE UDABA:I-Icasa empini yokuqeda ukuphelelwa yisikhathi kwama-data

“Ngezinto ezifana noJust4You, ezinika amakhasimende ama-bundles ngehora, ansukuzonke, awesonto kanye nawenyanga, uVodacom uze ngamandla kakhulu eminyakeni eyedlule ohambweni lokuguqula intengo,” okhulumela uVodacom utshele iFin24 kuleli sonto.

Isinyathelo sakamuva se-Icasa sokungenelela emkhankasweni we-#DataMustFall kuhloswe ngaso ukuthi kulawulwe ukushesha kokuphelelwa yisikhathi kwama-data, ngokusho kwesaziso esishicilelwe kwi-Government Gazette ngoMsombuluko.

Le nhlangano ihlose ukunxenxa izinkampani zezokuxhumana ukuthi zilule isikhathi sokusebenza kwama-data ukuze engeke asheshe ukuphelelwa yisikhathi.

Umphakathi ubekelwe kuze kube umhlaka-19 kuSepthemba ukuthi wenze izincomo. 

- Fin24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C High level clouds. Mild. Pta: 6-20°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 3-15°C Mostly sunny. Refreshingly cool. Bloem: 2-20°C Mostly sunny. Mild.
Dbn: 10-18°C Mostly sunny. Cool. PE: 11-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...