BUKA: Wamukelwe ngenhlokomo ‘uPapa Action’ Molefe kwa-Eskom

2017-05-15 13:59

Cape Town – Abasebenzi bakwa-Eskom eGoli bacule amaculo atusa uBrian Molefe ngesikhathi ekhuluma nabo ngosuku lwakhe lokuqala njengoba esebuyele kwesokuba yiChief Executive Officer (CEO) kule nkampani ephehla amandla kagesi.

Okhulumela u-Eskom, uKhulu Phasiwe ufake kuTwitter izithombe zamakhulu ngamakhulu abasebenzi bakwa-Eskom endaweni enkulu okungenelwa kuyona eMegawatt Park njengoba ababhikishi beCOPE kanye neDA bebebhikishela ukubuya kukaMolefe ngaphandle. Uthi uMolefe ukhulume nabasebenzi ngemuva komhlangano obungahleliwe.

OLUNYE UDABA: UBrian Molefe uzobuyela kwesokuba yi-CEO kwa-Eskom

UMhleli wephephabhuku iDestiny Man, uThabiso ‘TT’ Tema ubhale kuTwitter ukuthi abasebenzi bebephethe izingqwembe ezibhalwe ukuthi: “Siyakwamukela futhi Papa Action”.

UMolefe ubonakale esedansela le ngoma yokumamukela ebiculwa yilaba basebenzi ngenkulu inhlokomo ehholo elikhulu lakwa-Eskom, ngokwezithombe kanye ne-video okufakwe kuTwitter.

Ngokombhalo kaMolefe kuTwitter, uMolefe utshele abasebenzi ukuthi u-Eskom uzoqhubeka nokugcina ugesi ukhanya. Uphinde wathembisa nangokuthi bazoqhubeka nokuqedela izinhlelo zokwakhiwa kweziphathimandla ezintsha, okuyi-Medupi kanye neKusile.

UMolefe wabeka phansi izintambo kulo msebenzi ngoNovemba 2016 kulandela umbiko woMvikeli woMphakathi ngezinsolo zokulawulwa kombuso nalapho kwathinteka khona igama lakhe kumathenda ayamaniswa nomndeni wakwaGupta.

Zibonele eminye yemifanekiso yenhlokomo yabasebenzi bakwa-Eskom lapha: 

- Finance24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 9-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 7-23°C Sunny. Mild. Bloem: 6-25°C High level clouds. Mild.
Dbn: 14-24°C Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...