#BudgetSpeech2018: Uhulumeni uzoyibeka eqhulwini eye-NHI kanye nama-ARVs

2018-02-21 17:59

Cape Town - Ezempilo zenza u-13.9% wesabelomali sikahulumeni kanti ezinye zezinto ezibekwe eqhulwini yiNational Health Insurance, uhlelo lwama-antiretroviral (ARVs) kanye nokusungulwa kohlaka oluzolawula imikhiqizo yezempilo.

Ngokusho kwesabelomali, uhulumeni uzosebenzisa imali engu-R191.6bn kwezempilo ngonyakamali ka-2017/18 ibe ngu-R205bn ngonyakamali ka-2018/19.

Le mali izonyuka ibe ngu-R240bn ngo-2020/21.

Kuphinde kwengezwa u-R4.2bn uzofakwa kwi-NHI, ngokusho kukaNgqongqoshe wezeMpilo uMalusi Gigaba ngesikhathi ethula isabelomali ePhalamende ngoLwesithathu.

OLUNYE UDABA: #BudgetSpeech2018: Kuzokwenyuka i-VAT okokuqala ngqa kusukela ngo-1993

Kuzokwabiwa u-R368m ozosetshenziselwa ukuqhuba imikhankaso yokuqwashisa umphakathi ngeSugar Tax kanye nokusungulwa kweHealth Technology Assessment Unit. Lolu phiko luzocubungula ukuthi ziyasebenza yini iziphakamiso zezempilo ezenziwa nguhulumeni ngenhloso yokuzama ukungenelela.

Uhulumeni uzophinde asebenzise u-R66.4bn ukwelekelela empini yokwelapha nokuvikela i-HIV/AIDS.

Uhlelo lwama-ARVs lufinyelela kubantu abangu-R3.9million eNingizimu Afrika.

Ungqongqoshe uthe omunye u-R1bn uzokwengezwa ukuze welekelele ekulweni nesandulela ngculazi kanye nesifo sofuba ngo-2021.


- Fin24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-16°C Thunderstorms. Mostly cloudy. Cool. Pta: 8-25°C Sunny. Mild.
Jhb: 8-21°C Sunny. Mild. Bloem: 5-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-26°C Sunny. Mild. PE: 14-22°C Showers late. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...