#BudgetSpeech2018: Kuzokwenyuka i-VAT okokuqala ngqa kusukela ngo-1993

2018-02-21 16:00

Cape Town - Abantu baseNingizimu Afrika bazongena bajule emaphakatheni okokuqala ngqa kusukela ngo-1993 njengoba kuzokwenyuswa i-VAT.

UNgqongqoshe wezeziMali uMalusi Gigaba umemezele ngoLwesithathu ukuthi izinga le-VAT lizokwenyuswa ngo-1% lisuka ku-14% liya ku-15%, kanti lokhu kusho ukuthi i-VAT kulindeleke ukuba ingenise imali elinganiselwa ku-R22.9bn. 

Okunye ukudla okuyisidingo, kanjalo nophalafini kuzodlala ku-0% VAT.

Lokhu kunyuka kuyingxenye yeziphakamiso zemigomo yentela ezenziwa kwisabelomali sokuqala sikaGigaba sokuzibophezela ukwenza imali ethe xaxa engu-R36bn ngokuthi kwenyuswe intela kunyakamali ka-2018/2019.

OLUNYE UDABA: UMalusi Gigaba kuphela ozokwethula isabelomali kusasa - Buthelezi

Ukunyuswa kwe-VAT, eyenza ikota yentela eqoqwa kuleli, izoba yingxenye enkulu ye-Additional Revenue. 

Kulo R36bn we-additional tax revenue, uMnyango woMgcinimafa ngoLwesithathu, uthe ukwenyuswa kwe-VAT ngo-1% kuzongenisa u-R22.9bn.

“Asikaze siyenyuse i-VAT kusukela ngo-1993,” kusho uGigaba enkulumweni yakhe.

UGigaba uthe ukudla okuyizidingo okufana nempuphu, isinkwa esinsundu, ubhontshisi owomisiwe kanye nelayisi kuzoqhubeka nokuhlala ku-0% VAT ukuze bangasindwa kakhulu labo abadlal imbuya ngothi.

Udaba oluphelele lapha.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-16°C Thunderstorms. Mostly cloudy. Cool. Pta: 8-25°C Sunny. Mild.
Jhb: 8-21°C Sunny. Mild. Bloem: 5-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-26°C Sunny. Mild. PE: 14-22°C Showers late. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...