#Budget2017: Wonke amehlo abheke uGordhan

2017-02-22 14:04

Cape Town – Izwe lonke, kusukela kubantu abasemazingeni aphansi, abahwebayo, abakhokhi bentela, osomnotho, abahlaziyi bezepolitiki kanye nosopolitiki abasezingeni eliphezulu, bazobe bebheke ngabomvu inkulumo yesabelomali ezokwethulwa nguNgqongqoshe wezeziMali, uPravin Gordhan, ngoLwesithathu.

UGordhan kulindeleke ukuthi adalule ukuthi uzisiphesha kanjani isikhala esivulekile sika-R28bn emalini ebisesikhwameni sikahulumeni ngezinyathelo ezehlukene zentela, ukugwema ukwehliswa kwezinga lomnotho wakuleli kanye nokuthi umnotho waseNingizimu Afrika uzokwenza kanjani onyakeni wezezimali ka-2017/18.

OLUNYE UDABA: #Budget2017: Ivela kuzo zonke izinhlangothi ingcindezi ebhekene noGordhan

Nokho lesi sabelomali kungase kube ngesokugcina sikaGordhan njengoba iya ngokuqina imibiko eqagula ukuthi oyedwa phakathi kwakhe neSekela lakhe, uMcebisi Jonas, uzokhonjwa indlela ukuze kuphendlelwe isikhala lowo obeyisikhulu esiphezulu sakwa-Eskom, uBrian Molefe.

Ngaphambilini uGordhan usanda kucashunwa esiteshini sikamabonakude u-eNCA ethi yena “akabalulekile kakhulu ukuthi angeke kwaphileka ngaphandle kwakhe”, ngesikhathi ebuzwa ngamahlebezi okuthi uMengameli Jacob Zuma uhlela ukumkhipha esikhundleni ukuze afake uJonas.

UGordhan waqokwa njengoNgqongqoshe wezeziMali ngoDisemba kunyaka ka-2015, kulandela isinqumo sikaMengameli Zuma esasusa umsindo nesathathwa njengenhlekelele kwezomnotho sokukhipha esikhundleni owayenguNgqongqoshe, uNhlanhla Nene, nalapho abe esefaka khona lowo owayeyiMeya yaseMerafong, uDes van Rooyen.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-15°C Sunny. Cool. Pta: 5-19°C Sunny. Mild.
Jhb: 2-15°C Morning clouds. Cool. Bloem: -4-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 12-20°C Mostly sunny. Cool. PE: 6-17°C Morning clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...