#Budget2017: 'Ukubopha ibhande kungalahlekisela uGordhan ngomsebenzi'

2017-02-22 11:02

Cape Town – Ukunyusa intela kanye nokunciphisa ukusetshenziswa kwemali – kumele kube umongo wenkulomo yesabelomali esizokwethulwa nguPravin Gordhan ngo-14:00 ePhalamende, kubhala uJaco Leuvennink.

ULeuvernnink uthi isabelomali sikaGordhan kumele sincike ekutheni yini engakhoneka ngokwezepolitiki kanye nangokwesimo sezimali sezwe futhi ingashayi kakhulu umnotho, ngakolunye uhlangothi iwukhulise umnotho.

OLUNYE UDABA: UMantashe uphika eyezingxoxo kwi-ANC ngozongena kwesika- Gordhan

Sekunesikhathi eside uGordhan esebenzisa uhlelo lokufasa ibhande emalini esetshenziswa uhulumeni, phecelezi i-fiscal consolidation.

Inhloso yalokhu ukunciphisa imali esetshenziswa uhulumeni ngo-R20bn ukuze kubhekanwe nezikweletu ezinyuka ngamandla zoMbuso kanjalo nokushodelwa yimali kukahulumeni.

Kodwa-ke loku kufasa ibhande kanje akulula neze futhi kungalahlekisela uGordhan ngomsebenzi wakhe.

Lokhu kungenxa yokungahoshelani okukhona kwezepolitiki ikakhulukazi eqenjini elibusayo nalapho kubukeka kunokubhekana ngeziqu zamehlo ezindabeni ezithinta umnotho.

Enkulumweni yakhe yakamuva abeyethulela isizwe, uMengameli wezwe uJacob Zuma, ugxile kakhulu odabeni lokuguqulwa kwesimo somnotho nalapho ethembise ngokuthi uhulumeni uzodlala indima enkulu ekuguqulweni kwesimo somnotho njengoba kunombono wokuthi usalawulwa abantu abambalwa, ikakhulukazi abamhlophe.

- Finance24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Sunny. Mild. Pta: 5-18°C Sunny. Mild.
Jhb: 1-15°C Sunny. Cool. Bloem: -2-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 13-21°C Sunny. Cool. PE: 11-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...