#Budget2017: Ivela kuzo zonke izinhlangothi ingcindezi ebhekene noGordhan

2017-02-22 12:31

Cape Town – Njengoba sezihubela sakusha ngenkulumo yesabelozimali kaNgqongqoshe wezeziMali, uPravin Gordhan, luyakhula nongabazane mayelana nokuthi ngabe ikusasa limuphatheleni kwezepolitiki, uGordhan, njengoba kunabanye ngaphakathi ku-ANC abathi ibhantshi kumele ligcwale umoya.

Okunye okuzofaka kakhulu ingcindezi kuGordhan ukuthi kuzomele enze into ezomdalela amazinyo abushelelezi ngoLwesithathu ntambama, nokuwukunyusa intela ukuze kwande imali esikhwameni sikahulumeni nokuthi kubhalanse amabhuku.

OLUNYE UDABA: #Budget2017: 'Ukubopha ibhande kungalahlekisela uGordhan ngomsebenzi'

Njengoba umnotho wezwe ukhula kancane kanye nomthwalo wezikweletu obonakala wanda kuhulumeni, iNingizimu Afrika ayisenayo imali ekwazi ukuyisebenzisa ngendlela ethanda ngayo ngenxa yokumpintsheka.

Amahlebezi okuthi uGordhan angase alahlekelwe umsebenzi wakhe aphinde aqina ngempelasonto kulandela ukuthi i-ANC eNorth West iphakamise lowo owayeyisikhulu sakwa-Eskom, uBrian Molefe, ukuba abe yiLungu lePhalamende.

Ngaphezu kwalokho kuphinde kube neqeqebana labaholi be-ANC elitshele i-Eyewitness News ukuthi umhlangano wesigungu esiphezulu ku-ANC, iNational Executive Council kuleli sonto ukuveza umbono wokuthi uGordhan kumele akhonjwe indlela njengoNgqongqoshe wezeziMali.

Kuphinde kube nelinye iqeqebana ku-ANC Youth League eselinxuse ukuba kuxoshwe uGordhan ngoba yena kanye nehhovisi loMgcinimafa bavimbezela ukuguqulwa kwesimo somnotho.

Kuqagulwa ukuthi uMolefe uzofakwa esikhundleni sokuba nguSekela Ngqongqoshe wezeziMali ngemuva kwesabelomali, nalapho ezongena khona esikhundleni sikaMcebisi Jonas.

Lokhu kuzobe sekufaka ingcindezi enkulu kuGordhan ukuthi azishiyele ngokwakhe bese ethatha umhlalaphansi. 

- Finance24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 17-27°C Showers early. Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-23°C Rain early. Morning clouds. Mild. Bloem: 13-27°C Showers late. High level clouds. Warm.
Dbn: 17-25°C Morning clouds. Mild. PE: 14-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...