#Budget2017: Isinyusiwe imali yesibonelelo sikahulumeni

2017-02-22 18:02

Cape Town – Bazophinde bahleke bodwa labo abathola imali yesibonelelo sikahulumeni kulandela ukumenyezelwa kwezindaba zokunyuswa kwayo wuNgqongqoshe wezeziMali, uPravin Gordhan, ngesikhathi ethula inkulomo yesabelomali ngoLwesithathu ntambama.

Imali ezochithwa uhulumeni ezibonelelweni ezadlukene izonyuka isuka ku-R164.9bn ngonyaka ka-2016/17, iye ku-R209.1bn ngo-2019/20.

OLUNYE UDABA: #Budget2017: Wonke amehlo abheke uGordhan

Ngakolunye uhlangothi isibalo sabantu abahola isibonelelo sikahulumeni kulindeleke ukuba sinyuke ngo-18.1 million ngonyaka ka-2019/20.

Ukunyuswa kwemali yezibonelelo kumi kanje:

·         Impesheni yabadala inyuke isuka ku-R1 505 iya ku-R 1 600 ngenyanga.

·         Impesheni yabadalala yabaneminyaka engaphezu kwengu-75 izonyuka isuka ku-R1 525 iye ku-R1 620.

·         Eyamaqhawe ezempi izonyuka isuka ku-R1 525 iye ku-R 1 620.

·         Isibonelelo sabakhubazekile sizonyuka isuka ku-R1 505 iya ku-R 1 600.

·         Isibonelelo sezintandane sizonyuka sisuka ku-R890 iya ku-R920.

·         Imali yesibonelelo kulabo abanakekela izingane ezigulayo noma ezikhubazekile ezingaphansi kweminyaka engu-18 izonyuka isuka ku-R1 505 iya ku-R1 600; bese kuthi

·         Isibonelelo sezingane sinyuke sisuka ku-R355 siye ku-R380.

Njengokujwayelekile, izophinde inyuke nentela yeziphuzo kanye nogwayi.

·         Ubhiya uzonyuka ngo-12c/340ml;

·         Iwayini elithakwe ngokusagologo ngo-26c/750ml;

·         Ama-cider kanye notshwala obenziwe ngezithelo ngo-12c/340ml;

·         Iwayini elingangathakiwe ngokusagologo;

·         Iwayini elihlohlozayo ngo-70c/750ml;

·         Ugologo ngo-443c/750ml;

·         Iphakethe likasikilidi ongu-20 lizonyuka ngo-106c; bese kuthi

·         Ugwayi wohlobo lwe-tobacco wona unyuke ngo-119c/50g.

- Finance24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-22°C Mostly sunny. Cool. Pta: 15-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 20-28°C More sun than clouds. Warm.
Dbn: 20-28°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. PE: 17-20°C Drizzle. Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...