Bazothwala kanzima abashayeli bezimoto ngalo Disemba

2017-12-04 18:00

Cape Town - Zonke izinhlobo zikaphethiloli zizonyuka ngo-71 cents ilitha kusukela ngoLwesithathu, kusho isimemezelo soMnyango wezaMandla ngoMsombuluko.

Lokhu kwenyuka kwakamuva kuchaza ukuthi inani likaphethiloli i-95 octane uzobiza u-R14.76 ilitha ezindaweni ezimaphakathi nezwe kusukela ngomhlaka-6 Disemba, ubize u-R14.27 ogwini. Lokhu kwenyuka kungokwesihlanu izinyanga zilandelana.

Udizili wona, i-0.05% sulphur kanye ne-0.005% sulphur, uzonyuka ngo-60.30 cents no-57.30 cents ilitha ngokwehlukana kwawo.

UMnyango ukhiphe isitatimende wathi ngokuhambisana nesicelo seRegulatory Accounts System ungqongqoshe ukuphasisile ukufakwa kukachatha ka-3.9c/l kaphethiloli no-0.7c kadizili ngonyaka.

OLUNYE UDABA: Kuhlongozwa okunye ukunyuka kukaphethiloli

Amanani kaphalafini enyuke ngo-73.30 cents no-98 cents ngokwehlukana kwawo. Igesi yona yenyuke ngo-204 cents ikhilo.

UMnyango uthe ukwenyuka kwamanani omhlaba kaphethiloli, uphalafini nodizili yikho okudale lokhu kwenyuka.

Khonamanjalo, nerandi kalenzanga kahle uma liqhathaniswa nedola laseMelika, njengoba phakathi kukamhlaka-27 Okthoba no-30 Novemba belintenga kakhulu kwazise belimi ku-R14.0964 uma liqhathaniswa no-R13.6210 ngesikhathi esandulela lesi.


- Fin24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Showers late. Morning clouds. Cool. Pta: 16-22°C Morning clouds. Mild.
Jhb: 13-21°C Afternoon clouds. Mild. Bloem: 15-28°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 20-32°C Sunny. Warm. PE: 19-25°C Rain late. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...