Basale dengwane abagibeli kuteleke abamabhasi eTshwane

2017-10-19 16:01

Pretoria – Isiteleka sabasebenzi basedepho yamabhasi eC de Wet Bus Depot eTshwane kuphazamise ukusebenza kwamabhasi angu-100 kuleli dolobha ngoLwesine.

UMqondisi Jikelele wezokuxhumana eTshwane uSelby Bokaba uthe bamangele ngokuphazamiseka kokusebenza kwamabhasi eTshwane Bus Service (TBS) ngoba bebengakaze babikelwe ngezinhloso zabasebenzi zokuteleka.

Abasebenzi bavimbezele idepho ngamaloli amabili esangweni ukuze amabhasi angaphumi.

Mathathu kuphela amabhasi kwangu-105 aphume ngaphambi kokuba kuvalwe isango.

OLUNYE UDABA:ISantaco isimise isiteleka ebesihlelelwe umhlaka-12 kwephezulu

“Abagibeli baseCenturion, Olievenhoutbosch, Danville, Pretoria East nakwezinye izingxenye zeLotus Gardens bathinteke kakhulu ngenxa yalesi siteleka,” kusho uBokaba.

UBokaba uqhubeke wathi abasebenzi abatelekile kubalwa ama-artisans, senior operators kanye nabasebenzi abajwayelekile kanti bakhala ngezinkinga zokusebenza ngesikhathi esengeziwe kanye nokufakwa kwabasebenzi bezinkampani ezizimele.

“UMasipala wedolobha iTshwane uyaxolisa kakhulu ngalokhu okwenzekile ngabagibeli abasale dengwane," kusho uBokaba.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 12-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-27°C Sunny. Warm. PE: 13-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...