'Bangase bathole ukuphefumula abashayeli bezimoto'

2017-02-15 16:00

Cape Town – I-Automobile Association (AA) ilindele ukuba amanani kaphethiloli ehle ngamasenti amathathu kuya kwamane ilitha ngoMashi kulandela ukwenyuka kwawo ngo-29c ilitha ngoFebhuwari.

Umthelela wokwenyuka kwamanani kawoyela emhlabeni uthikanyezwe ukuqina kwerandi, kuchaza i-AA.

Irandi beliqinile, njengoba belingu-R13.02 uma liqhathaniswa nedola laseMelika ngo-11:25 ekuseni ngoLwesithathu.

I-AA ibiphawula ngezibalo ezingaqinisekisiwe zamanani kawoyela ezikhishwe yiCentral Energy Fund maphakathi nenyanga.

OLUNYE UDABA: INokia izobuyisa i-3310 yodumo

"Phakathi nenyanga kaFebhuwari, amanani kawoyela enyuke ngamasenti angu-12 ilitha emhlabeni, kanti ngaso lesi sikhathi irandi beliqinile uma liqhathaniswa nedola laseMelika,” kusho i-AA.

I-AA ithe uma kungenzeka okuthile okungadala ukwenyuka kwamanani kawoyela njengamanje noma irandi liphelelwe ngamandla, isimo singashintsha kakhulu kunalokho okulindelekelile.

"Ngaphansi kwesimo esikusona njengamanje, singaqagula ukuthi maningi amathuba okuba amanani kaphethiloli ehle ekupheleni kwenyanga,” kusho i-AA.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- Finance24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C Sunny. Mild. Pta: 15-30°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 11-27°C Morning clouds. Pleasantly warm. Bloem: 7-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 20-29°C Morning clouds. Warm. PE: 17-31°C Sunny. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...