Bangase badonse kanzima abezimoto ngoMeyi
2017-04-18 12:32
Cape Town – I-Automobile
Association (AA) iqagula ukuthi intengo kaphethiloli ingase inyuke
ngo-55c ilitha ngoMeyi, udizili unyuke ngo-39c ilitha, bese kuthi uparafini
wona unyuke ngo-41c ilitha.
Abakwa AA bathi ukunyuka
kwentengo kaphethileli okuqagulwayo kuzoba okukuqala ukushaya kubantu bakuleli
njengoba irandi lilokhu liqhubekile nokuntengantenga uma ngabe liqhathaniswa
nedola laseMelika, nosekube nomthelela entengweni kaphethiloli emazweni omhlaba.
OLUNYE UDABA: Ungase unyuke ngo-R2 uphethiloli ngo-Ephreli
Kodwa-ke abakwa AA bathi
ukuntengantenga kwamandla erandi yikhona okuzoba nomthelela ekwehleni kwentengo
kaphethiloli, bathi ukunyuka kwentengo kaphethiloli emazweni omhlaba khona kube
nomthelela omncane.
Ukwehlelwa umdlandla
kwabatshali bezimali kwiNingizimu Afrika, ukwehliselwa esigabeni esiphansi
sezinga lomnotho wakuleli, yiFitch kanye neS&P sekuholele ekutheni irandi lisuke
ku-R12.35 ngaseqaleni
kwenyanga, laze lafinyelela ku-R13.40 njengamanje.
Kodwa-ke noma kunjalo abakwa AA bathi siseside isikhathi
esisasele ngaphambi kokuba kube uMeyi, bathi kungenzeka ukuthi izinto ziyobe
sezishintshile ngaleso sikhathi.
- Finance24