Bagqemeke enye ingozi abashayeli bezimoto kunyuka ekhokhwa emigwaqeni

2017-03-06 16:00

Cape Town – Ngemuva kokumenyezelwa kokunyuka kwentela kaphethiloli kanye nentela yakwaRoad Accident Fund (RAF) okuzoqala ngo-Ephreli kunyaka ka-2017, manje abashayeli bezimoto sekuzomele bazilungiselele okunye ukunyuka kwemali ekhokhwa ngokusebenzisa imigwaqo (toll rates) okumenyezelwe yiSouth African National Roads Agency (Sanral).

I-Automobile Association (AA) isichaze lokhu njengokugqemeka ingozi engeqiwa ntwala kubathengi bakuleli, yathi futhi kuzongeza omunye umthwalo kubashayeli bezimoto asebevele bagugelwe yiphakethe, abagibeli kanye nabathengi.

OLUNYE UDABA: #Budget2017: Isinyusiwe imali yesibonelelo sikahulumeni

Amanye amakhasimende akwaSanral athunyelelwe imiyalezo nge-e-mail ngoLwesihlanu, (mhlaka-3 kuMashi). Kodwa-ke kule miyalezo akuzangeke kuvezwe ukuthi le ntela izonyuka ngamalini futhi asizange sibekwe nesizathu sokuthi kungani kunokunyuka.

“USanral usuphinde waphuthwa yithuba lokuxhumana okubalulekile nomphakathi kulolu daba. Saxwayisa ngonyaka odlule ukuthi uSanral kumele azame ukuwina ukwesekwa emphakathini, kodwa kubukeka sengathi ukuziphatha kwabo kubagibeli kulokhu kungokunokuzithwala nokungakhathali.

"Angeke sithuke, uma ubheka lokhu kuziphatha, kanye nezimo zomnotho eziqhubekayo eNingizimu Afrika, uma abashayeli bezimoto abaningi benquma ukungayikhokhi intela yasemgwaqeni.

“USanral angenza kahle ukukhumbula ukuthi uhlinzeka ngezidingo kumakhasimende akhe, abashayeli bezimoto baseNingizimu Afrika, kodwa okwamanje ukuziphatha kwakhe kudlulisa umyalezo ohlukile,” kusho abakwa-AA.

- Wheels24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 9-17°C Sunny. Mild. Pta: 11-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 7-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 4-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 13-21°C Mostly sunny. Cool. PE: 11-19°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...