Babuyele emsebenzini abasebenzi bakwa-DSW

2018-01-10 12:31

Durban - UMasipala weTheku uthi abasebenzi bakwa-Durban Solid Waste (DSW), abebetelekile kusukela ngoLwesihlanu olwedlule befuna ukuqashwa ngokuphelele, sebebuyele emsebenzini.

Ukuteleka kwabasebenzi kuholele ekutheni kuphazamiseke ukuthuthwa kukadoti eThekwini namaphethelo.

Okhulumela abakwamasipala uMandla Nsele uthe ngemuva komhlangano obanjwe ngeSonto kuvunyelwene ngokuthi abasebenzi babuyele emsebenzini ngokushesha.

OLUNYE UDABA:Sisobishini isitolo sakwa-H&M

"Ukuthuthwa kukadoti sekuqalile. Abasebenzi be-Expanded Public Works Programme abebetelekile kusukela ngoLwesihlanu olwedlule befuna ukuqashwa ngokuphelele babuyele emsebenzini ngoLwesibili ekuseni.

"Sijabulile ngokuthi umsebenzi usuyaqhubeka nokuthi bonke abasebenzi bethu babuyele emsebenzini kanti idolobha selenze isiqiniseko sokuthi wonke udoti uzobe usuthuthiwe ekupheleni kwaleli sonto," kusho uNsele.


 - SABC

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-21°C Drizzle. Partly cloudy. Cool. Pta: 18-30°C More clouds than sun. Warm.
Jhb: 17-25°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 15-25°C Rain early. Morning clouds. Mild.
Dbn: 21-30°C Widely scattered tstorms. Broken clouds. Warm. PE: 20-26°C Numerous showers. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...