Azokwenyuka ngo-20% amanani amaqanda ngenxa yomkhuhlane wezinkukhu

2017-12-08 16:00

Johannesburg – Kulindeleke ukuba amanani amaqanda anyuke ngesilinganiso esiphakathi kuka-15% kuya ku-20% njengoba abakhiqizi kumele bapheshe izindleko zomkhiqizo omncane ngenxa yokubheduka kwe-Avian flu, kusho umhlaziyi.

Esitatimendeni kuleli sonto uPaul Makube, ongusomnotho ophezulu wezolimi e-FNB Business uthe lo mkhuhlane wezinyoni okhona ube nomthelela ongemuhle kumanani amaqanda.

Ngasekuqaleni kwalo nyaka, abakhiqizi baxwayisa ngokuthi ukwentuleka kwemikhiqizo ephuma ezinkukhwini kuzodala ukuthi kunyuke amanani.

Abakhiqizi bayaphoqeleka ukuthi bahlinze izinkukhu ngenxa yokubalekela ukuthi zingenwe yilo mkhuhlane. Ebhekise ezibalweni zeSouth African Poultry Association (SAPA), uMakube uthe kulo nyaka lehle ngo-12% izinga lokukhiqizwa kwamaqanada.

OLUNYE UDABA: Kuvalwe ipulazi lamaqanda eGauteng ngenxa yomkhuhlane wezinyoni

Embikweni wango-Agasti 2017 owakhishwa yi-SAPA kuvele ukuthi amanani amaqanda enyuke ngo-1.9% kusukela ngoJulayi nonyaka.

"Ukunyuka kwamanani amaqanda kungenxa yalo mkhuhlane wezinyoni okhona," kuchaza uMakube.

Izibalo zeStatistics South Africa (StatsSA) zitshengisa ukuthi ngo-Okthoba amaqanda abesenyuke ngo-8.5% uma kuqhathaniswa nesikhathi esifanayo ngonyaka owedlule.

Ube esexwayisa ngokuthi kulindeleke ukuthi amanani amaqanda enyuke ngesilinganiso engafinyelela ku-20% kulezi zinyanga ezimbalwa ezizayo.

UMFANEKISO:

- Fin24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-23°C Partly cloudy. Mild. Pta: 18-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 18-28°C More sun than clouds. Warm. Bloem: 16-28°C Rain late. Mostly cloudy. Warm.
Dbn: 21-27°C Mostly cloudy. Warm. PE: 20-26°C Showers late. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...