Ayehla amanani kaphethiloli

2017-06-05 16:00

Johannesburg - Abashayeli bezimoto bathola ukuphefumula ngoLwesithathu njengoba amanani kaphethiloli ezokwehla ngo-25 cents ilitha kuzona zombili izinhlobo.

Amanani kadizili wona azokwehla ngo-23 cents ilitha kuthi akaphararini wona ehle ngo-22 cents ilitha.

Lokhu kusho ukuthi amanani kaphethiloli wohlobo lwe-95 octane asezobiza u-R13.54 ilitha esifundazweni iGauteng, akadizili azobiza u-R11 57 ilitha kusona lesi sifundazwe, kusho uMnyango wezaMandla esitatimendeni.

OLUNYE UDABA: Awuthi vu uToyota ngesiteleka esidalwe abamatekisi

Ukwenyuka kwamani kaphethiloli ngokwedlule kubenomthelela ongemuhle emabhizinisini, ngokusho kwesikhulu esiphezulu seSouth African Chamber of Commerce and Industry, u-Alan Mukoki.

UMnyango uthi ukwehla kwamanani kaphethiloli kudalwe ukwehla kwamanani kawoyela emhlabeni nokuqina kwerandi uma liqhathaniswa nedola kusukela.

- Reuters

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-16°C a few showers. Morning clouds. Cool. Pta: 19-28°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-23°C a few showers. More sun than clouds. Mild. Bloem: 14-25°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-25°C Heavy rain. Mostly cloudy. Mild. PE: 14-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...