Angase ehle kakhulu ama-data kwaVodacom, kusho isikhulu

2017-05-17 14:01

Johannesburg – Oyisikhulu esiphezulu kwaVodacom, uShameel Joosub, uthi intengo yama-data ingase yehle kakhulu kumakhasimende abo ngemuva kwemiphumela yakamuva ekhombise ukunyuka kwenzuzo oyenziwe ukusetshenziswa kakhulu kwama-data, utshele iFin24.

“Eminyankeni eyedlule, sibone intengo yama-data yehla. Uma ngabe umuntu ephelelwa ama-data, lelo yithuba elilahlekile lokunikeza umuntu ama-data amaningi,” uJoosub utshele iFin24.

OLUNYE UDABA:Owe-EFF ukhwele wadilika ku-Vodacom ngokubiza kwama-data

Ngokwehla kwentengo yama-data, uJoosub uthi bafuna ukuqhubeka nokunikeza amakhasimende okuningi ngokumbambisana nezinhlaka ezehlukene ukuze banikezele ngezinsiza ezifana neShowMax.

Lesi sikhondlakhondla senkampani yezokuxhumana sinyuse inzuzo yama-data ngo-20% uma kuqhathaniswa nonyaka odlule, yafinyelela ku-R20.696bn, ekubeni isizinda samakhasimende sikhule saze safinyelela ku-3 million, ngokwemiphumela yangoMsombuluko yokuphela konyaka wezezimali ngomhlaka-31 kuMashi kunyaka ka-2017.

Ngonyaka ozayo, uVodacom ufuna ukubambisana nezinhlaka ezehlukene ukuze wenze umculo kanye nama-video kutholakale kalula kumakhasimende awo njengoba sebebaningi nabantu abakwazi ukufinyelela ku-internet. 

- Finance24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-22°C Sunny. Mild. Pta: 5-18°C Sunny. Mild.
Jhb: 2-15°C Sunny. Cool. Bloem: -3-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 13-24°C Sunny. Mild. PE: 12-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...