Angase ehle amanani ka-petrol, kodwa kunesexwayiso

2017-05-16 12:31

Johannesburg - Uma irandi liqhubeka nokusimama noma ukuhlala kuleli zinga, abashayeli bezimoto eNingizimu Afrika bangase babone kwehla amanani kaphethiloli nakadizini ngoJuni.

Imininingwane yoMnyango wezaMandla iveza ukuthi amanani kaphethiloli nodizili angase ehle ngo-20 cents ilitha, kodwa lokhu ngeke kwenzeke uma irandi liphelelwa amandla noma amanani kawoyela eqhubeka nokwenyuka.

Ngasekuqaleni lkwenyanga, irandi libuyelwe belintenga, amanani kawoyela emhlabeni ephansi, kodwa lokhu kushintshile ngokuhamba kwesikhathi.

OLUNYE UDABA: Buka: Wamukelwe ngenhlokomo uMolefe kwa-Eskom

Irandi libuyelwe ngamandla lafinyelela cishe ku-R13.15 uma liqhathaniswa nedola laseMelika ngoMsombuluko, kanti namanani kawoyela ongahluziwe akhuphukile njengoba iRussia neSaudi Arabia behlela ukuqhubeka nokunciphisa imikhiqizo ngenhloso yokunqanda ukukhiqiza okweqile.

Nakuba kunjalo, kubukeka sengathi ngoJuni amanani azokwehla.

Kodwa i-Automobile Association ixwayisa ngokuthi abantu bangaseshi ukujabula ngokwehla ngoba kuningi okusangashintsha kusukela manje kuya ekupheleni kwenyanga.

- IOL Motoring 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 13-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-28°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 15-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...