Amanani kaphethiloli azokwehla kwephezulu

2017-04-01 15:08

Johannesburg – Amanani kaphethiloli kanye nakadizili kulindeleke ehle kusukela ngomhlaka 5 Ephreli, kusho uMnyango wezaMandla ngoMgqibelo.

Amanani ohlobo lwe-95 octane azokwehla ngo-24 ubize u-R13.30 ilitha eGauteng, kuthi akadizili wona ehle ngo-10.5c ubuze u-R11.50 ilitha, kusho uMnyango esitatimendeni.

ULayton Beard we-Automobile Association uthi indlela elihweba ngayo irandi uma liqhathaniswa nedola laseMelika iyona eyenze ehla amanani.

OLUNYE UDABA: AbakwaSamsung bazobuyisa ifoni eyagqamuka amalangabi

“I-AA ikholelwa ukuthi lamanani ahliswe yizizathu eziningi.”

"Okokuqala kube ukwehla kwamanani kaphezthiloli emhlabeni maphakathi nenyanga kaMashi kanti nerandi uma liqhathaniswa nedola belenza kahle maphakathi noMashi, Sijabule kakhulu ngokuthi amanani kaphethiloli azokwehla.”

- EWN

- Reuters

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-22°C Mostly sunny. Cool. Pta: 15-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 20-28°C More sun than clouds. Warm.
Dbn: 20-28°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. PE: 17-20°C Drizzle. Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...