Amabhizinisi aphika eyokugodla imali ngenhloso yokuwisa umnotho

2017-06-28 12:31

Johannesburg – Amabhizinisi awagodli imali ngenhloso yokuqumba phansi umnotho, ngokusho kukaMengameli weBusiness Unity South Africa (BUSA), uJabu Mabuza.

UMabuza ubekhuluma ngesikhathi kwethulwa iphepha leBUSA ngendlela amabhizinisi asingatha ngayo uguquko lwezomnotho ngoLwesibili. Uchaze ngokuthi kuncane ukutshala izimali kwamabhizinisi ngenxa yesimo esingesihle somnotho, kanye nokuthi izinsolo zokuteleka kwabamabhizinisi ukuthi atshale imali azilona iqiniso.

Umfelandawonye wezinyunyana zabasebenzi, iCosatu, ngaphambilini wagxeka abamabhizinisi ngokuqhuba isiteleka sokungatshali izimali, nokuthi bathatha inzuzo bayiyise ngaphandle kwezwe.

Ngokufanayo, engqungqutheleni yayo ngonyaka odlule, iNational Union of Metalworkers of South Africa (NUMSA) yagxeka amabhizinisi amakhulu ngokuthi uma esenze inzuzo awabuye esayitshala emnothweni.

OLUNYE UDABA: IBhange ngodla selifake isicelo esiphuthumayo ngombiko woMvikeli woMphakathi

Kodwa-ke uMabuza uthi ukugqoza kokutshalwa kwezimali kubangelwa ukukhula kancane komnotho. “Uma umnotho ushona phansi, ubeka imali eceleni ukuze kuzothi uma umnotho ususimama, ungasebenzisa ubungcono bamathuba akhona.”

Uqhube wathi ukuyeka imali kwi-account yasebhange ukuze uzuze inzuzo kungaba nezithelo ezinhle kunokutshala imali embonini yezimayini. Uchaze ngokuthi irandi selehlile eminyakeni eyishumi eyedlule uma liqhathaniswa nezinye izimali, njengedola laseMelika. Ngenxa yalesi sizathu, izinkampani ezisebenza emazweni amaningi sezigcine inzuzo yazo kuma-account angaphandle.

“Kuyangikhathaza uma ngabe abantu abanolwazi, abafundile futhi abahlakaniphile… benza izitatimende ezingancikile emaqinisweni kanye nesayensi.”

Ngaphezu kwalokho, uMabuza uphinde wagcizelela kakhulu ukuthi kumele kube nokuthembana phakathi kwabamabhizinisi kanye nohulumeni. 

- Finance24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 9-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 7-23°C Sunny. Mild. Bloem: 6-25°C High level clouds. Mild.
Dbn: 14-24°C Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...