Akukho okusiphoqa ukuthi sikhokhe u-R1.125bn - Absa

2017-06-21 07:25

Cape Town – U-Absa awuphoqolekile ukuthi ukokhele noma ngabe yini uhulumeni waseNingizimu Afrika, leli bhange lisho kanjalo ngoMsombuluko.

Beliphendula ngombiko woMvikeli woMphakathi, uBusisiwe Mkhwebane, nalapho ethe ukutakulwa ngo-R1.125bn kweBankorp yiSouth African Reserve Bank (SARB) kwenziwa ngokungemthetho futhi u-Absa kumele ayibuyise le mali.

Lokhu kumayelana nokutakulwa kweBankorp yiSARB phakathi konyaka ka-1985 kanye no-1995. U-Absa wathenga iBankorp ngo-Ephreli wango-1992.

“Asikayitholi ikhophi yombiko futhi sinxusa ngokushesha ihhovisi lomvikeli womphakathi ukuthi liwuthumele kuthina. Uma sesiwufundile sizobheka izindlela zomthetho okubalwa nokucela ukubuyekezwa yiNkantolo eNkulu,” u-Absa ubeke kanjalo esitatimendeni.

OLUNYE UDABA: Uhulumeni akayeke ukusebenzisana no-Absa - ANCWL

“U-Absa wahlangabezana nokwakumele ukwenze mayelana nemalimboleko okwakumele ayithole kwi-SA Reserve Bank ngaphambi kuka-Okthoba 1995. Kuwuhlangothi lwethu oluqinile ukuthi akukho okusiphoqayo ukuthi sikhokhe noma ngabe yini kuhulumeni waseNingizimu Afrika.”

Inkampani engabanikazi ba-Absa, iBarclays Africa [JSE:BGA] yehlelwe yintengo yamasheya yafinyelela ku-2.32% ngoMsombuluko ngo-14:51, nalapho isheya ngalinye lale nkampani bese lidayisa u-R142.20 kanti ibisilahlekelwe ngu-R15.8m ngokobukhulu bayo ezimakethe (market value).

UMkhwebane uthe ukuphenywa okubili obekwenziwa kulolu daba kuthole ukuthi usizo lwezezimali olwanikwa iBankorp Limited/ABSA Bank lwalungaqondile.

Uthole ukuthi ngokunikezela ngosizo lwezimali kuBankorp, i-SARB yahluleka ukuhambisana nomthetho iSouth African Reserve Bank Act. 

Ngaphezu kwalokho, uthole ukuthi uMnyango wezeziMali ngokwalo mthetho wawunomsebenzi wokuqinisekisa ukuthi i-SARB iyahambisana nalo mthetho, nokuyinto athi wahluleka ukuyenza.

 

- Finance24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 9-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 7-23°C Sunny. Mild. Bloem: 6-25°C High level clouds. Mild.
Dbn: 14-24°C Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...