Akasekho emhlabeni umphathi webhange Ithala

2017-07-03 14:02

Durban - UYvonne Zwane, oyisikhulu sebhange Ithala Development Finance Corporation, akasekho emhlabeni, kubika iThe Citizen.

UZwane ushone ngempelasonto ngemuva kokuxinwa wukugula.

UZwane wajoyina leli bhange ngoNovemba ka-2011 futhi wenze umsebenzi omuhle kakhulu wokulithuthukisa kangangokuba belithola imibiko ehlanzekile evela kubacwaningi iminyaka ilandelana.

UNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha kanye nezeMvelo kwaZulu-Natal uSihle Zikalala udlulise amazwi enduduzo kulo mndeni.

Ngesitatimende sakhe, uZikalala uthi ibhange laseThala lenza umsebenzi omuhle kakhulu wokuthuthukisa impilo yezakhamuzi zakulesi sifundazwe.

OLUNYE UDABA:Bahlela ukulivuma icala lokuzingela obhejane

Uthe uZwane wayewuthanda umsebenzi wakhe futhi enogqozi lokuqinisekisa ukuthi wenza umsebenzi omuhle angadicileli phansi intuthuko yaleli bhange kanye nokuholwa kwalo.

“Ngaba nenhlanhla yokusebenzisana noZwane njengoba ebephethe lesi sikhundla. Futhi ngizohlezi ngibonga njalo ngendlela angeseke ngayo ngesikhathi ngithatha lesi sikhundla sokuba wuNgqongqoshe,” kusho uZikalala.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 9-14°C More sun than clouds. Cool. Pta: 6-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-19°C Sunny. Mild. Bloem: -2-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-19°C Showers late. Partly cloudy. Cool. PE: 10-16°C Partly cloudy. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...