Abashayeli bazongena bajule emaphaketheni ngo-Agasti

2017-07-29 08:52

Cape Town – UMnyango wezaMandla usumemezele ukuthi uzonyuka ngo-19 cents ilitha uphethiloli kusukela ngoLwesithathu oluzayo, njengoba kade kuhlawumbiseliwe ngaphambilini.

Ukuntenga kwerandi uma liqhathaniswa nedola laseMelika kanjalo namanani aphezulu kawoyela emhlabeni yizoza zizathu eziphambili ekunyukeni kwenani likaphethiloli.

Lokhu kunyuka kukaphethiloli kulandela ukwehla kwawo ngo-69 cents ilitha ngoJulayi, ukade wehlile futhi nangoJune ngo-25 cents ilitha.

OLUNYE UDABA: Kuthiwa abalindele izindaba ezimbi abashayeli bezimoto

UMnyango ukhiphe isitatimende wathi ukuntenga kwerandi uma liqhathaniswa nedola kulesi sigaba yikho okube nomthelela wokuthi kunyuke amanani kaphethiloli, udizili kanye nophalafini.

Izinhlobo zonke zikaphethiloli zizonyka ngo-19 cents ilitha.

Udizili wona uzonyuka ngo-29 cents ilitha kuthi uphalafini wona unyuke ngo-26 cents ilitha.

Igesi yona izonyuka ngo-40 cents ikhilo.

- Finance24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-23°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 12-21°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C Light rain early. Morning clouds. Cool. PE: 12-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...