Abasebenzi bakwaMango bangenele isiteleka

2017-10-16 09:35

Johannesburg - Abasebenzi bamabhanoyi akwaMango bangenele isiteleka ngoMsombuluko kusukela ngo-05:00 ekuseni ngemuva kokuba izingxoxo zingahambanga kahle, kusho inyunyana yabasebenzi iSolidarity.

ISolidarity imele u-95% wabashayeli bamabhanoyi kwaMango. ISolidarity ibenomhlangano nabaphathi bakwaMango ngoMgqibelo, kusho iphini likanobhala jikelele weSolidarity uDeon Reyneke ngoMsombuluko ebusuku.

OLUNYE UDABA: 'I-ANC kusayilona kuphela ithemba labantu'

“Nakuba abashayeli bakwaMango behola kancane kunabanye kule mboni, abaphathi bakhombise ukungazimiseli ngokuxoxisana nabasebenzi,” esho.

Abaphathi kuthiwa abazimisele ngokubuyekeza u-6% abawubeka phambinlini etafuleni, ekubeni inyunyana yona izimisele ngokwehlisa abakufunayo ukuze izingxoxo ziphumelele.

Inyunyana ithi iMango ibashiye bengenakho okunye abangakwenza ngaphandle kokungenela isiteleka.

- ANA

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-24°C More sun than clouds. Mild. Pta: 20-33°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 18-27°C High level clouds. Pleasantly warm. Bloem: 18-31°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 20-26°C Morning clouds. Mild. PE: 23-28°C High level clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...