Abantu abasayingeni eyokuthenga iFord Kuga edume ngokusha

2017-02-03 11:35

Cape Town – Kubukeka sengathi isiqala ukuphenduka umgodi onganukwa yinja imoto yohlobo oluphambili nedume ngezigemegeme zokusha, iFord Kuga.

Lokhu kungenxa yezibalo zakamuva nezikhombisa ukuthi ukuthengwa kwalolu hlobo lwemoto kwehle ngo-50% ngenyanga kaJanuwari kunyaka ka-2017.

Babe ngu-74 nje kuphela abantu abathenge lezi zimoto zohlobo lwe-SUV, nokuyisibalo esehle kakhulu uma kuqhathaniswa nezimoto ezingu-146 ezadayiswa ngoDisemba kunyaka ka-2016.

Lokhu kwehla okungaka kokuthengwa kwalolu hlobo lwemoto kuza ngemuva kokuthi iFord South Africa ikhiphe isimemezelo sokuthi kubuyiselwe emuva izimoto zalolu hlobo ezilinganiselwa ku-4 000 kulandela inqwaba yezigameko zokusha kwale moto ngenxa yomlilo ogqamuka enjenini.

OLUNYE UDABA: IVIDEO: Abakwa-Ford SA baphendula ngemoto eshe ihamba

Zibalelwa ngaphezu kuka-40 izigameko ezibikiwe zokusha kweFord Kuga eNingizimu Afrika.

NgoJanuwari uFord SA wathi lokhu kusha kudalwa ukungangeni komoya nokudala ukuthi kube nemifantu ku-cylinder, bese kuconsa amafutha. Uma ngabe amafutha econsela enjinini eshisayo, lokho kungadala umlilo.

Khonamanjalo, iyaqhubeka nokuzidlela amahlanga ezimbangini imoto yohlobo lweVolkswagen Polo Vivo njengoba kuyiyo ehamba phambili ngokuthengwa bese ilandelwa nguzakwabo iPolo.

UToyota wona uhleli endaweni yesithathu ngeCorolla, Auris, Quest kanye ne-Etios, yona esendaweni yesine.

Endaweni yesihlanu kuhleli iFord Fiesta, kweyesithupha kube yiToyota Fortuner, kweyesikhombisa iChevrolet Spark, endaweni yesi-8 kube yiFord EcoSport, kweyesi-9 kube yiToyota RAV4 bese kuthi endaweni yesi-10 kuvale iRenault Kwid. 

Nazi ezinye izimoto ezihamba phambili ngokuthengwa kuleli:

How I get away from it all #meandmybestfriend #notjustacar

A photo posted by Volkswagen South Africa (@volkswagensouthafrica) on

Fantastic view #thebigblue #notjustacar

A photo posted by Volkswagen South Africa (@volkswagensouthafrica) on

This is the new Renault Kwid. It rides on 13" tyres. #Renault #kwid #hatch

A photo posted by Charlen Raymond (@charlenraymond) on

- Wheels24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-21°C Morning clouds. Mild. Pta: 6-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-20°C Sunny. Mild. Bloem: 0-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-27°C Sunny. Warm. PE: 10-24°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...