AbakwaSamsung bazobuyisa ifoni edume ngokugqamuka ilangabi

2017-03-28 16:01

Durban - AbakwaSamsung sebeveze ukuthi uzolungisa kabusha umakhalekhukhwini obuthathwa ngengonobungozi kakhulu kwezemvelo.

Kuthiwa isilungiswe kabusha kanti futhi isikulungele ukubuyela ezitolo iNote 7 yakwaSamsung edume ngokugqamuka ilangabi.

NgoMsombuluko abakwaSamsung bamemezele ukuthi izodayiswa kabusha iNote 7 eyahoxiswa kulandela izigameko zokugqamuka umlilo.

Ngokwesitatimende sale nkampani, lo makhalekhukhwini uzohlolisiswa kabusha uguqulwe izinto ezimbalwa ukuqinisekisa ukuthi uphephile futhi awunabo ubungozi nakwezemvelo.

OLUNYE UDABA:Umangalele iSamsung oqhunyelwe yifoni isephakatheni

Le nkampani ezinze eningizimu nezwe iKorea, yiyona ehamba phambili ngokukhiqiza omakhalekhukhwini abasezingeni eliphezulu.

Kuqala izinkinga ngalo makhalekhukhwini, le nkampani yaphoqeleka ukuba ihoxise futhi ibuyiselwe izigidi zomakhalekhukhwini ukuze balungiswe kabusha njengoba bebenobungozi emphakathini.

Kuze kube yimanje, bekungaqondakali kahle ukuthi izinhlelo zale nkampani zimi kanjani ngalo makhalekhukhwini, kubika iCitizen.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 20-27°C Sunny. Pleasantly warm. Pta: 11-24°C Morning clouds. Mild.
Jhb: 8-20°C Morning clouds. Mild. Bloem: 7-24°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-25°C Mostly sunny. Mild. PE: 16-26°C Sunny. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...