AbakwaGupta sebedayise isiteshi i-ANN7 kanye nephephandaba i-The New Age

2017-08-21 11:03

Cape Town – Inkampani kaMzwanele Manyi isithenge izinkampani zezindaba zomndeni wakwaGupta, i- ANN7 (isiteshi sezindaba sikamabonakude) kanye ne-The New Age (iphephandaba), lokhu kumenyezelwe ngoMsombuluko.

Enkampani yabakwaGupta, i-Oakbay Investments, esitatimendeni ithe inkampani kaManyi, iLodidox, ithenge i-ANN7 (Infinity Media) ngo-R300m kanye ne-The New Age (TNA Media) ngo-R150m.

Lesi sivumelwano kulindeleke ukuba siphothulwe emasontweni ambalwa ezayo, ngokusho kwe-Oakbay.

OLUNYE UDABA: #GuptaLeaks: 'AmaGupta' ahlela ukuthenga amaphephandaba amakhulu kuleli

Lokhu kudayisa kwenzeka njengoba ibhange, iBank of Baroda, seliyeka ukusebenzisana nezinkampani zomndeni wakwaGupta, kanye nangemuva kokuthi amabhange amane aseNingizimu Afrika athatha isinqumo sokuthi angabe esasebenzisana namabhizinisi alo mndeni ngonyaka ka-2016.

“Lokhu kudayisa kuyingxenye yokuzibophezela kwe-Oakbay  ekuvikeleni imisebenzi kanye nokunikeza isiqiniseko kubasebenzi abangaphezu kuka-7 500 abasebenza kanzima enkampanini kanye nokuvikela umongo wokubaluleka kwebhizinisi abasebenza kulona.

“Ngaphansi komnikazi wamasheya onobuningi, i-Oakbay ikholwa ukuthi kokubili ibhizinisi kanye nabasebenzi bazoba nekusasa eliqhakazile futhi eliyimpumelelo nelibafanele. Lokhu kudayisa kuzophinde kuvulele abanikazi bamasheya isikhathi sokugxila ekugezeni igama labo phambi kwezinsolo ezingenasisekelo zabezindaba,” le nkampani isho kanjalo.

UManyi uthe: “Ngijabule ngokufinyelela esivumelwaneni ne-Oakbay futhi ngibheke phambili ekuphothuleni isivumelwano ngempemelelo.”

- Fin24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-16°C More sun than clouds. Cool. Pta: 13-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 13-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-29°C Afternoon clouds. Warm. PE: 14-18°C More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...