Abakwa-Ford SA bathi bayazi nge-Ford Kuga egqamuke ilangabi ngeSonto

2017-04-22 13:09

Johannesburg - Sekuvele imibiko yokusha kwenye yezimoto zohlobo lwe-Ford Kuga ngeSonto kanti abakwaFord SA bathi bamatasa nophenyo.

Ngokubika kwephephandaba iRoodepoort Record usomlomo wale nkampani u-Alisea Chetty uthe: “Sizwile ngesigameko esenzeke endaweni yaseRoodepoort kanti okwamanje sisaphenya ngembangela yokusha kwale moto."

UChetty uqhubeke wathi sebezibonile izimpawu abazaziyo okuyizona ezingaba nomthelela wokusha kwalezi zimoto.

OLUNYE UDABA:IVIDEO: Abakwa-Ford SA baphendula ngemoto eshe ihamba

“Ngifisa ukugcizelela indaba yokuthi abantu kumele baqikelele ukuba bayayilandela imigomo yezokuphepha nokuqinisekisa ukuthi iyanakekelwa i-engine coolant system ngaso sonke isikhathi,” kuqhuba yena.

Uthe basaqhubeka nohlelo lokulungisa lezi zimoto ezinenkinga futhi wagcizelela nokuthi uma sezilungisiwe, inkinga yokusha kwazo ngeke isaba khona.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-21°C Mostly sunny. Cool. Pta: 18-29°C Sunny. Warm.
Jhb: 16-26°C Mostly sunny. Warm. Bloem: 12-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-22°C Numerous showers. Breaks of sun late. Mild. PE: 16-22°C Passing showers. More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...