Abakwa-Ford bazodiliza abasebenzi abangu-1400

2017-05-18 12:30

Detroit – Isikhondlakhondla senkampani yaseMelika eyakha izimoto, uFord, siyaqhubeka nezinhlelo zokudiliza abasebenzi emhlabeni wonke.

Le nkampani esineminyaka engu-114 selokhu yasungulwa ngoLwesithathu (17 Meyi) ithe izodiliza abasebenzi abangu-1400 eNorth America kanye nase-Asia Pacific. Le nkampani izonikeza abasebenzi ithuba lokuthi bathathe umhlalaphansi isikhathi singakashayi eminyangweni yayo eyehlukene okubalwa kuyo umnyango wezokudayisa, owezokumaketha kanye nomnyango wakwandabazabantu. Ilindele ukuthi lokhu kube sekuphothuliwe ngoSepthemba.

OLUNYE UDABA: IVIDEO: Abakwa-Ford SA baphendula ngemoto eshe ihamba

Emyalezweni we-email othunyelelwe abasebenzi, uFord uthe ufuna ukuqinisa ibhizinisi lawo bese utshala imali kakhulu emathubeni amasha.

UFord akusiyo kuphela inkampani edilizayo njengoba nenye inkampani enkulu yezimoto, uGeneral Motors Co, ngo-Ephreli yathi icabanga ukudiliza abanye babasebenzi bayo ukuze inciphise izindleko.

UFord akusiyo kuphela inkampani esenkingeni njengoba nokuthengwa kwezimoto eMelika sekwehlile ngemuva kweminyaka eyisikhombisa kulokhu kunyuka.

Oyi-Executive Chairman yakwaFord, uBill Ford, utshele abatshalimali ukuthi naye akajabulile njengoba nabo bengajabulile ngokungahambi kwezinto kule nkampani. 

- AP

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-16°C Numerous showers. Morning clouds. Cool. Pta: 17-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-29°C High level clouds. Pleasantly warm. Bloem: 15-28°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 21-30°C Afternoon clouds. Warm. PE: 15-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...