Abakuleli bahlanganyele ukuvalwa kwama-website ayamaniswa nabakwaGupta

2017-07-17 14:00

Johannesburg – Ukuhlanganyela ndawonye kwabantu baseNingizimu Afrika ukuvala ama-websites ayamaniswa nabakwa-Gupta kukhombisa ukugxila okujulile komphakathi okufanayo nangesikhathi kwethulwa i-internet ezweni, ngokusho komsunguli weWorld Wide Worx ophinde abe ngungoti weze-internet, u-Arthur Goldstuck. 

Muva nje iSunday Times ibike ukuthi uMartin Peake, owakhulela eNingizimu Afrika kodwa okumanje usehlala e-United Kingdom, waqala umkhankaso owaholela ekuvalweni kwe-website eyamaniswa nabakwaGupta, i-www.blackopinion.co.za.

Le website ibiyamaniswa neBlack First Land First, kanti ibihlanganisa nezindaba ezihlanganisa nabakwaGupta ezihlasela ongxiwa abamhlophe.

OLUNYE UDABA:Ubufakazi bokuthi ama-website aseka abakwaGupta alawulwa eNdiya

Le website yamiswa yi-Internet Service Providers Association ngoLwesihlanu.

UGoldstuck uthi kunzima ukuvala i-website ngenxa nje yokuthi iyamaniswa nabakwaGupta.

“Uma ngabe kunebhodi elilawula i-internet, kulula ukumisa ama-website ikakhulukazi uma ngabe esebenzisa i-domain engu-‘.co.za’, ekubeni kwi-domain engu- ‘.com’ kufanele kuphume umyalelo wenkantolo ebhodini likazwelonke,” kusho uGoldstuck.

Sekuke kwasuka umsindo ngemuva kokuthi abantu bakuleli abasebenzisa iTwitter bakhononda kuTwitter ngama-account angombombayi asabalalisa izinto ezeseka abakwaGupta futhi agxeka ongxiwa abamhlophe nayamaniswa nabakwaGupta.

UGoldstuck uthi kuyathusa ukuthi imikhankaso eyeseka abakwaGupta - ngisho nalowo obuqhutshwa yinkampani eyakha isithombe esihle samakilayente ezinze e-UK, iBell Pottinger – iqhutshwa ngendlela esezingeni eliphansi. 

- Finance24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-22°C High level clouds. Mild. Pta: 15-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 9-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-20°C More clouds than sun. Cool. PE: 14-18°C Decreasing cloudiness. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...