Ziqalile izingxoxo ngabasebenzi basemapulazini

2013-01-15 14:07

Cape Town - Izingxoxo ngezindaba ezithinta abasebenzi basemapulazini baseWestern Cape, ziqalile eGrabouw, ngoMsombuluko ebusuku kanti kulindeleke ziqhubeke ePaarl, uma lithambama ngoLwesibili.

Ukulalelwa kwezinkulumo kuzoqhubeka naseDe Doorns, Robertson, Oudtshoorn naseVredendal.

UMnyango wezabaSebenzi wabamba izingxoxo ezadonsa inyanga yonke, phakathi kukaNovemba noDisemba, ngenhloso yokuzwa izikhalo zabasebenzi basemapulazini aseWestern Cape.

Abasebenzi basemapulazini bangena esitelekeni befuna ukwenyuselwa amaholo, asuke ku-R69 aye ku-R150, ngosuku.

Ikhonmishana ephenya ngezimo sokusebenza, yatshelwa ukuthi iphenyisise ngezimo abasebenzi abasebenza ngaphansi kwazo, kwanqunywa ukuthi kubuyekezwe amaholo ngenyanga kaMashi, aphinde futhi abuyekezwe ngemuva kwezinyanga ezingu-12.

UNgqongqoshe woMnyango wezabaSebenzi uMildred Oliphant, kulindeleke ukuthi enze isimemezelo ngamaholo abasebezni basemapulazini ngenyanga ezayo.





 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Sunny. Mild. Pta: 12-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 9-20°C Sunny. Mild. Bloem: 7-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 13-19°C Showers late. Mostly cloudy. Cool. PE: 10-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...