Zinothile ezokumbiwa phansi kuleli
2012-11-15 16:26
Cape Town - Amatshe angamagugu aseNingizimu Afrika anenani elilinganiselwa ku-R29.6 trillion, uma ehlanganisiwe, kusho uNgqongqoshe wezokuMbiwa Phansi uSusan Shabangu, ngoLwesine.
Ungqongqoshe ubephendula iPhalamende, ebelifuna ukwazi ngenani lamagugu akuleli, esewonke amatshe angamagugu angu-15.
I-platinum isalokhu Ibiza kakhulu uma iqhathaniswa namanye amatshe angamagugu, kumanje inesamba esingu-R13.3 trillion, amalahle wona aku- R6.6 trillion, i-palladium ibe ku-R3.3 trillion bese igolide libe nesamba esingu-R2.8 trillion.
Intengo ye-titanium ilinganiselwa ku-R1.6 trillion.
Amanye amanani ami kanje:
Ikhopha –R680.9 billion;
Inickel -R478.5 billion
Izircon -R302.8 billion
Izinc -R209.8 billion
Ivermiculite - R98.3 billion
Ivanadium pentoxide - R75.6 billion
I-uranium - R54.6 billion
Imanganese - R6.3 billion
Ilead - R4.7 billiom
I-antimony - R2.2 billion.
INingizimu Afrika ilele isihlanu kwezezimayini emhlabeni, ekuqaleni konyaka izibalo zathi umnotho wezokumibwa phansi kuleli ulinganiselwa ku-US2.5 trillion okanye u-R22.3 trillion.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).