Zimoshile iziteleka - Ungqongqoshe
2012-10-25 16:12
Cape Town - Iziteleka eziqubuke ezimayini ze-platinum kanjalo nezegolide, zilahlekisele umnotho wakuleli ngo-R10.1 billion, kusho uNgqongqoshe wezeziMali uPravin Gordhan, ngesikhathi ethula inkumulo yakhe ebizwa nge-Medium-Term Budget Policy Statement.
"UMgcinimabhuku uhlawumbusela ukuthi ifinyelele ku-R10.1 billion imali elahlekile njengoba bekuqhubeka iziteleka ezingagunyaziwe."
"Isigameko sasemayini iLonmin, eMarikana siqubule iziteleka embonini yezimayini, iziteleka ziqale ngenyanga ka-Agasti, zonke zikhubaze inzuzo."
UGordhan uthi ukwehla komsebenzi embonini yezimayini, akugcini ngokukhubaza le mboni kuphela, kodwa kuphumela nakwezinye izimboni, uthe inzuzo yehle ngo-3.3% ngenya nga ka-Agasti.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).