Zazinzima izingxoxo ngamaholo - Marikana

2013-01-31 16:49

Johannesburg - Zazinzima kakhulu izingxoxo ngamaholo phakathi kwabasebenzi basemayini ye-platinum, iLonmin, kanye nenyunyana iNational Union of Mineworkers, kusho ubufakazi obethulwe ngaphambi kweKhomishana kaFarlam, eRusternburg.

"Ukwazi ukuthola umhlahlandlela kubantu abakwethembayo kuphela, abasebenzi base bengayethembi inyunyana," kusho umengameli wenyunyana uSenzeni Zokwana.

Ummeli wenyunyana uKarel Tip, ubuze uZokwana ukuthi kwakubaluleke kangakanani ukuthi bathole umhlahlandlela ezingxoxweni ngamaholo.

"Ngaphambi kokuthi inyunyana ibambe izingxoxo ngamaholo, kumele iqale ithole umyalelo ovela kubasebenzi," echaza.

UZokwana uthi kwakunzima kuyitshe ukuthi bafinyelele eMarikana, ngoba abasebenzi babethukuthele benolaka futhi bengafuni ukukhuluma nabantu ababamele.

"Kwakungelula. Ungakwazi ukukhulumela abantu uma bekukholwa kuphela, bethemba ukuthi ungakwazi ukubamela."

Ikhomishana iyaqhubeka.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Morning clouds. Mild. Pta: 5-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 5-17°C Sunny. Mild. Bloem: -1-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 10-23°C Partly cloudy. Mild. PE: 14-17°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...