Xwayani umkhonyovu wamasheke - Sabric

2012-07-23 16:50

Johannesburg - Amkhasimende amabhange kumele axwaye umkhonyovu oqhubekayo wamasheke, kusho abeSA Banking Risk Information Centre, esitatimendeni esikhishwe ngoMsombuluko.

Yize noza zehlile izigameko zomkhonyovu othinta amasheke, abantu kumele bahlale bevule amehlo, kusho uSabric.

Kuthiwa osomabhizinisi banikwa imisebenzi bese izigilamkhuba zikhokhe ngesheke elingumbombayi.

Isikhulu sakwaSabric uKalyani Pillay uthe osomabhizinisi abake bathi ukuma ekwamukeleni amasheke bafune imali ebonakalayo ngaphambi kokuthi badedele impahla.

"Kwezinye izehlakalo abantu bantshontsha abasheke abantu abasemabhizinisini bese befuna izimali emabhange."

UPillay uthe kuvamisile ukuthi abasebenzi bangaphakathi enkampanini eqolwayo basebenzisane nezigilamkhuba.

"SinguSabric siyanxusa abantu abasebenzisa amasheke ukuthi bawagcine endaweni ephephile, kuthi uma ibhuku lilahlekile, libikwe ngokushesha."



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kuzodingidwa ngokudilizwa kwabakwa-MTN

Emizuzwini eyi-33 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-19°C Sunny. Mild. Pta: 2-19°C Sunny. Mild.
Jhb: 0-14°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: -2-15°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 14-19°C Mostly sunny. Cool. PE: 7-17°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...