Uzolandwa olwandle ugesi eThekwini

2012-05-02 12:04

Durban - Zimi ngomumo izinhlelo zokuthi idolobha iTheku libe yidolobha lokuqala kuleli laseNingizimu Afrika ukuthi liwudonse olwandle ugesi, kubika iphephandaba iMercury, ngoLwesithathu.

AbeDurban Investment Promotion Agency, ngomlomo wenhloko ebambile uRussell Curtis bathi okwamanje kwenziwa ucwaningo lwezemvelo okuyilo oluzobe selusiza ekuqhamukeni nesinqumo esingujuqu.

"Uma wonke umuntu ethokozile ngomphumela wocwaningo lwezemvelo nakanjani abahlali baseThekwini bazobe sebeqala ukuthola ugesi olandwe olwandle."

Abakhokhi bentela angeke bakhokhe lutho kulona lonke lolu hlelo lokulanda ugesi ngale ndlela.

Umsebenzi kulindeleke udinge imali engu-R155 million, umsebenzi ungase uqale ngonyaka ozayo.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News 24

Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-21°C High level clouds. Mild. Pta: 8-25°C Morning clouds. Mild.
Jhb: 6-20°C Morning clouds. Mild. Bloem: 10-20°C Showers late. Afternoon clouds. Mild.
Dbn: 16-19°C Rain showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 17-18°C Passing showers. Mostly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...