Uthi ushoda ngokudla uPick n Pay

2012-10-04 16:23

Johannesburg - Isuphamakethe enkulukazi iPick n Pay isikhiphe isixwayiso kubathengi yathi isiqala ukuba nokushodashoda ngokudla nezimpahla ezithize njengoba kulokhu kuqhubeke isiteleka sabashayeli bamalolo.

"Kushoda kakhulu ukudla okuyizidingo zansuku zonke, imvamisa okuhlala emafrijini," kusho isikhulu uNeal Quirk.

Phezu kwayo yonke imizamo eyenziwe yisitolo, kuthiwa izitolo eziningi eGoli, seziqala ukuzwela.

Kuthiwa ezinye izitolo sezibeke izaziso emnyango, zichazela abathengi ukuthi kunokushoda ngenxa yokungathuthwa kwempahla njengoba kuqhubeka isiteleka sabashayeli bamaloli athwala impahla.

"Singase ngempela sibhekane nenkinga uma kwenzeka kuqhubeka isiteleka."

AbakwaShoprite bathe abakabi nankinga okwamanje, amagalaji amaningi ezindaweni ezehlukene kubikwe ukuthi nawo abhekene nokushoda kukaphethiloli

"Sagcina ukulethelwa uphethiloli esikhathini esingaphezu kwesonto esedlule. Usuphelile uphethiloli emathangini," kusho umsebenzi kwelinye lamagalaji.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- Finance24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C Sunny. Mild. Pta: 14-29°C Rain late. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 11-25°C Numerous showers. High level clouds. Mild. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-25°C Mostly sunny. Mild. PE: 15-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...