Usufikile umnqamulajuqu wentela

2012-11-23 12:05

Johannesburg - Abakhokhi bentela bayayalwa ukuthi bahambise izimfanelo kubaqoqi bentela kwaSA Revenue Service (Sars), lingakashoni ilanga (ngoLwesihlanu), kuze bezogwema ukukhokha inhlawulo.

Lo mnqamulajuqu ubekelwe laba abahambisa izimfanelo zabo besebenzisa amakhompyutha, bezenzela bebodwa nalabo abangayikhokhi intela.

Okhulumela abakwaSars u-Adrian Lackay uthi ingaphezu kuka-R5 million imali abayiqoqile, uthi imali engu-R4 million kube yinzuzo ka-2012 kuthi engu-R991 000 kube yimali ebikweletwa, eminyakeni eyedlule.

"Izibalo zithi ikhule ngamaphesenti angu-22 imali engenile, uma kuqhathaniswa nangonyaka owedlule," kusho uLackay.

NgoLwesine balinganiselwa ku-96 600 abantu abahambise imininingwano yabo, lesi sibalo kulindleke ukuthi sikhule ngo-100 000 ngoLwesihlanu.

ULackay uthe izingcingo zakwaSars zizovulwa kuze kubumbane u-20:00 kuze bezokwazi ukunika abantu usizo, amagatsha wona azovulwa kuze kubumbane u-16:00.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).



- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Liqhakazile ikusasa kubatshali bezithelo

Emizuzwini eyi-50 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-14°C Numerous showers. More sun than clouds. Cool. Pta: 7-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 9-21°C Sunny. Mild. Bloem: 4-15°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 12-23°C Partly cloudy. Mild. PE: 9-19°C Showery. More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...