Umhleli wokuqala wesifazane kuSunday Times

2013-02-01 16:19
Yabelani Shicilela

Cape Town - Iphephandaba langeSonto iSunday Times, izoqasha umhleli wesifazane okokuqala emlandweni walo weminyaka engu-107 laba khona.

UPhylicia Oppelt okumanje ungumhleli weThe Times, engaphansi kwenkampani iTimes Media, nguye osezothatha izintambo ekubeni ngumhleli weSunday Times, kusukela ngoMashi.

U-Oppelt uzongena esikhaleni sikaRay Hartley, oseyoqhoqhobala isikhundla esiphezulu enkampaniniTimes Media Group, kusho umbiko weTimeslive.

"UPhylicia ube ngumhleli oseqophelqeni eliphezulu ephephandabeni iThe Times... kunobufakzi obubonakalayo ngamagalelo akhe nasekuzinikeleni kwakhe. Kuzokuba ngokokuqala ukuthi umuntu wesifazane abe ngumhleli kuleli phephandaba elingelinye lahamba phambili eNingizimu Afrika," kusho uMike Robertson, oyisikhulu kwaTimes Media.

Eminye imisebenzi esike yenziwa ngu-Oppelt, ihlanganisa ukuba ngumhleli ephephandabeni iDaily Dispatch neBusiness Times, ngaphambi kokuthi ajoyine iThe Times.







 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-20°C High level clouds. Mild. Pta: 8-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 5-17°C Sunny. Mild. Bloem: 3-17°C Sunny. Cool.
Dbn: 13-23°C Morning clouds. Mild. PE: 12-22°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...