Uhlobo olusha lwe-ATM kulelil
2012-08-02 16:35
Johannesburg - Ibhange laseCapitec selethule umshini omusha ozovumela abantu ukuthi bakwazi ukufaka imali ewuhlweza emshinini engama-ATM, kubika iCape Argus.
Uhlelo lolu luzobonakala okokuqala ngqa eNingizimu Afrika, luzovumela amakhasimende ukuthi akwazi ukufaka imali engo-5c, 10c, 20c, 50c, R1, R2 kanye no-R5.
Isikhulu kwaCapitec Bank uCharl Nel uthe okwamanje umshini walolu hlobo usase-Eikestad Mall, eStellenbosch kuphela okwamanje.
“Umshini uzosebenza ubusuku nemini, uzokwazi ukubala uhlweza bese ulwamukela.”
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- News24