Ufuna ukukhokhelwa owasungula i-Please Call Me

2013-08-06 11:01

Johannesburg - Inkampani yezokuxhumana iVodacom ihlulekile ukuphoqa inkantolo ukuthi ichithe icala elifakwe ngomunye wabasebenzi, othi ufuna ukukhokhelwa ngokusungula kwakhe uhlelo lwe-Please Call Me, kusho umbiko weBusiness Report.

UNkosana Makate, owabe esebenza kwaVodacom, uthi wasungula uhlelo lwe-Please Call Me ngonyaka ka-2000, wathi umphathi wakhe wangaleso sikhathi uPhilip Geissler, wamthembisa ukumholelela imali ethe xaxa ngalolu hlelo lwakhe.

UGeissler wadlulisela lolu hlelo kwabaphethe wathi nakanjani uzoqinisekisa ukuthi uMakate uyahlomula ngalo mqondo wakhe, kusho umbiko ohanjiswe enkantolo

UMakate ufuna inkantolo iphoqe uVodacom ukuthi umkhokhele imali yakhe, wahambisa isikhalazo enkantolo eNkulu eGoli, ngo-2008, ngemuva kokuthi inkampani imshaye indiva ngo-2007.

Umbiko uthi abakwaVodacom abanawo uchatha onikwa abasebenzi ngemibono yabo.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 16-26°C Showers early. Partly sunny. Warm.
Jhb: 15-22°C Heavy rain. Afternoon clouds. Mild. Bloem: 6-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-22°C Drizzle. Morning clouds. Mild. PE: 11-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...