'Ube ngumlando umbhikisho wabasemapulazini'

2012-11-26 10:00

Cape Town - Umbhikisho wakamuva wabasebenzi basemapulazini ushintshe umlando waseNingizimu Afrika, kusho uNgqongqoshe woMnyango wezoLimo uTina Joemat-Pettersson, ngoMsombuluko.

"Angeke nje sigcine ngokufisa ukuthi kuphele izinkinga, kumele sibhekane nazo. Kunjalo engeke sahlala sisola izwe ngakho konke okwenzekayo," esho ekhuluma esidlweni sasekuseni esihlelwe ngabezindaba zeNew Age, eGoli.

"Yingakho ngithi kungumlando okwenzekile. Uma ungasukumi ulwele amalungelo akho akekho ozokwazi ukuthi ubhekene nayiphi inkinga, azwelane nawe."

Ungqongqoshe uthi umbiko wocwaningo lwabakwaHuman Rights Commission, uthi kusukela eminyakeni yango-90, abantu ababhekene kakhulu nengcindezi emapulazini, baseNorth West naseWestern Cape.

Imibhikisho yabasebenzi basemapulazini ibe mandla kakhulu eWestern Cape, ucwanigno lolu lukhombe ukuthi abasebenzi baphila ngaphansi kwezimo ezimuncu ezihlanganisa ukucwaswa ngokobuhlanga nobulili.





 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-19°C Sunny. Mild. Pta: 2-19°C Sunny. Mild.
Jhb: 0-14°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: -2-15°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 14-19°C Mostly sunny. Cool. PE: 7-17°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...