URamaphosa ucwaninga indima yakhe

2013-01-16 10:01
Yabelani Shicilela

Johannesburg - IPhini likaMengameli we-African National Congress uCyril Ramaphosa ucwaninga indima yakhe kwezamabhizinisi, ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi awuphazamiseki umsebenzi wakhe omusha wokuba yiphini, esho ngoLwesibili. 

"Ngifuna ukuqeda konke ukunqikaza nokukhuluma okuphambene okungase kube khona, njengoba sengisesikhundleni sokuba yiphini likamengameli we-ANC," kusho uRamaphosa enkulumweni nabezindaba ze-CNBC Africa. 

URamaphosa uchaze ukuqokwa kwakhe njengengqophamlando nokho wathi uzogwema konke ukukhuluma okungase kube khona ngokomsebenzi wakhe kwezamabhizinisi. 

"I-ANC ikubeke kwacaca ukuthi izimisele nokusebenzisana nazo zonke izinhlaka ezikhona kuleli, ezihlanganisa namabhizinisi. Kumele kusetshenziswane, amabhizinisi angeke ame nje eceleni njengezibukeli."



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-25°C High level clouds. Mild. Pta: 9-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 9-21°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 11-25°C Mostly sunny. Mild.
Dbn: 19-26°C Early fog followed by sunny skies. Mild. PE: 15-23°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...